iPortfolio lika-Khanyisile
ikhaya
Umlando Wami
eMzansi
eSwatini
eMozambique
Amakilasi Ami
Amajeneli ami
Amanothi Ami
Amaprojekti Okugcina
Imidlalo YeStagi Yezilimi ZaseAfrika
IsiZulu 4 Incwadi Yethu
Amaculo Ami
Izindlela Ngisebenzile IsiZulu
Ngabangane
Esontweni
Emsebenzini
Umlando Wam' eMzansi
Ngahlala eMzansi iminyaka emine, 1985-1989. Kodwa isiqalo sami saqala phambi kokuzalwa kwami. Abazali bami bahlangana eSwatini. Ubaba wami wayefundisa
e-secondary school eManzini futhi umama wami wayesebenza esibhedlela, wayengunesi. Bashadela eManzini ngo1978.
Emuva kwalokho baya eKansas City futhi ubaba wami wayefunda e-Seminary. Ngazalwa ngalesi sikhathi. Umngane kaMama wam' eSwatini wababhalela incwadi abazali bami ukubatshela ukuthi igama lami lesiSwati unguKhanyisile. Lapho usisi omncane wami ezalwa wababhalela futhi ukubatshela ukuthi igama lakhe lizoba nguZanele.
Ngo1985, saya eMzansi futhi abazali bami basebenza esikoleni seBhayibele. Ngathanda kakhulu ukuhlala lapho! Sahlala ehlathini e-Arthurseat duze e-Acornhoek ne-Bushbuckridge. Lapho nganginabangane abaningi! Laba kwakungabantwana babafundi besikole seBhayibele. Babekhuluma izilimi eziningi! Bekukhona amaZulu namaSwati namaPedi namaShangana. Angifundanga ulimi olulodwa, kodwa thina bantwana bonke sikhulume ulimi njengefanagalo...sasebenzisa amagama ezilimi eziningi! Ngangifuna ukukhuluma ulimi olulodwa kuphela, kodwa kwakunzima. Ngafunda amaculo amaningi ngesiZulu nesiPedi nesiShangana esontweni. Ngangithanda kakhulu ukucula futhi ngisakhumbula la maculo namhlanje. Ngicabanga ukuthi leyo minyaka ingisize ukufunda ukuphimisela amagama ngesiZulu nesiTsonga.
Njalo sadlala emaphandleni! Sasithanda ukudlala i-hide and seek ne-"touch" (tag). Sasithanda kakhulu ukuxosha izimbuzi ezingenayo ezingadini zabafundi. Ebusuku sasibhaleka ekhaya ngoba sasaba iziganekwane zotokoloshe!
Umfowethu wazalelwa lapho eMzansi esibhedlela esibizwa "Tintswalo" e-Acornhoek. Unesi walapho wamsiza umama wami wamtshela ukuthi igama lengane nguBonganiNkosi ngoba manje banomfanyana.
Saqala lapho ukuya eKruger National Park... yindawo engiyithandayo kakhulu! Ngathanda ukufunda konke ngezilwane zasendle futhi ngaqala ukufunda amabizo azo ngezilimi zeNingizimu Afrika.
Iculo ngafunde ngaleso sikhathi:
Thina so fana naye (2x)
Kwabona kala, kwabona kala,
thina so fana naye.
[lalela lapha]
E-Arthurseat sahlala duze oKhahlamba. Ngisakhumbula ukushona kwelanga ngemuva lezi zintaba!
Thina nabangane bethu. Njalo sadlala emphandleni futhi esinye sikhathi umama wethu wathukuthele nathi ngoba sadlala odakeni!
Ngafunda amaculo amaningi esontweni lapho. Ngiyakhumbula kakhulu ukucula la maculo!
ikhaya
Umlando Wami
eMzansi
eSwatini
eMozambique
Amakilasi Ami
Amajeneli ami
Amanothi Ami
Amaprojekti Okugcina
Imidlalo YeStagi Yezilimi ZaseAfrika
IsiZulu 4 Incwadi Yethu
Amaculo Ami
Izindlela Ngisebenzile IsiZulu
Ngabangane
Esontweni
Emsebenzini