Ngo1989, uma saqeda isikhathi sethu eMzansi, abazali bami bamukele isimemo ukuya eMozambique ukusebenza lapho esikoleni seBhayibele. Bekukhona inkinga-- iFRELIMO noRenamo basalwa lapho. Kuyingozi mpela! Abazali bami neSonto banqume ukuthi umndeni wethu ungaya eSwatini ukulinda ukugcina ngempi futhi ubaba wami ungafundisa esikoleni seBhayibele eSiteki.
Ngathande kakhulu ukuhlala eSiteki... ngikhumbule eMzansi futhi lapha eSiteki, sangadlala phandle njenge e-Arthurseat. Sanemithi ngezithelo njengogwava nokwatapheya nomango. Sathanda kakhuku ukudla ama-mulberries! Bukukhona izilwane eziningi! Izinkomo nezimbongolo nezingulube nezinkhukhu nezinja namakati. Ngacabanga mina ukuthi ngifike ezulwini (ngisathanda kakhulu izilwane zonke!)! Bekukhona izinyoka eziningi futhi eSiteki. Sasaba kakhulu izinyoka futhi ngiyakhumbula izikhathi uma sadinga ukuzibulala ngoba asifunanga lezi zinyoka ukuluma abantwana. Lapho eSiteki sanabangane abaningi... bekukhona imindeni Malambe, Lukhele neShongwe eyahlalayo duze kithi. Sadlala nabantwana yabo-- uNathi noTengethile noCebile noBheki noGabisile noBuhle. Sakhuluma isiNgisi (ngidabuka manje asifundanga siSwati). Safunda amanye amagama futhi ngafunda ukucula ngesiSwati esontweni. Ngalesi sikhathi saqala ukufunda amabizo yezilwane zasendle. Saqhubeke ukuya eKruger National Park futhi ngafunda la magama njengezindlovu nezindlulamithi namadube namabhubesi nezimvubu. |
Iculo ngafunde ngaleso sikhathi:
Siyahamb' ekukhanyen' kwenkhos', Siyahamb' ekukhanyen' kwenkhos' (2x) Siyahamba, siyahamba, ooh, Siyahamb' ekukhanyen' kwenkhos' (2x) [Lalela lapha] |